Kudutshulwe kwabulawa umsiki wengqephu ephathini

2017-05-09 12:30

Lagos – Umsiki wengqephu oneminyaka engu-25 ubudala, uJamiu Ayoade, udutshulwe wabulwa yiphoyisa ebelidiniwe eLagos.

Iphoyisa, okukholakala ukuthi liyisikhulu ekomkhulu lamaphoyisa e-Ijeshatedo, kuthiwa lidubule labulala u-Ayoade ngeSonto ebusuku.

Abantu ababili bathole ukulimala kulesi sigameko. U-Ayoade ubefike kule ndawo eze emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa lukamngani wakhe.

OLUNYE UDABAIBoko Haram ikhulule amantombazane angu-82

Iphoyisa kanye namanye abehamba nalo bagasele kule ndawo obekugujwa kuyona usuku lokuzalwa behamba ngezimoto ezimbili zamaphoyisa ngabo-18:00, kodwa bahamba ngemuva kokuhlola isimo.

“Ngokuhamba kwesikhathi, iphoyisa kanye nalawo ebelihamba nawo babuyile kule ndawo, elinye lamaphoyisa lidubule liphindelela emoyeni [lisemotweni].

“Iphoyisa libe seliphuma emotweni, laqonda ngqo lapho bekuhlezi khona u-Ayoade nentombi yakhe, lafike lamdubula ekhanda,” kusho obesemcimbini.

ANA - NAN

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 18-26°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-27°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 18-24°C Rain early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...