Kudutshulwe kwabulawa umculi enandisa emshadweni

2018-04-14 13:07

Islamabad - Kudutshulwe kwabulawa umculi wasePakistani obesenezinyanga ezingu-6 ezithwele emshadweni ngoLwesibili.

Kuzwakale ukuthi lo mculi ubulawe ngoba enqabe ukucula emile.

Ngokusho kwabezindaba i-Ary, lesi sigameko esishaqisayo senzeke emcimbini eKanga village eduzane naseLarkana.

USamina Sindhu ubehlezi esiteji ngesikhathi enandisa emshadweni ngesikhathi kuzwakala amadoda ememeza ethi makasukume.

OLUNYE UDABA:Kubulawe amalungu amathathu eqembu likamaskandi

Amanye amadoda abesukuma eqonda esiteji, emupha imali. uSamina ugcine esesukumile, kodwa kubukeka sengathi besekuvele konakele njengoba ukungawalaleli kwakhe la madoda kuphethe ngokuthi enye yawo, uTariq Jatoi, inqume ukumdubula esasesiteji.

USamina uphuthunyiswe esibhedlela iChandka kodwa ngeshwa kwamenela ngenxa yamanxeba okudutshulwa.

Umyeni kaSamina, u-Ashiq Ali utshele abezindaba ukuthi: "USamina unqabe ukudansa ngoba ezithwele. Ukunqaba kwakhe kuthukuthelise umsolwa omdubule wamubulala."

Amaphoyisa avule icala lokubulala kwaboshwa abantu ababili, kusho umbiko.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...