Kudutshulwe kwabulawa ohlasele abantu ngommese

2017-04-02 16:29

Jerusalem – OwasePalestine ohlasele ngommese eWest Bank walimaza abantu abathathu kwa-Israel e-Old City ngoMgqibelo ngaphambi kokuba adutshulwe wabulawa abezokuphepha basemngceleni, kusho amaphoyisa.

Owesilisa uhlasele amaJuda amabili ngaphambi kokuba abaleke. Ngokuhamba kwesikhathi ulimaze onogada ngaphambi kokuba adutshulwe abulawe.

OLUNYE UDABA: Kushone 13 wabantu ibhasi labazalwane lishayisana neveni

Ababili bakwa-Israel balimale kancane kanti owesithathu ulimale kabi, kusho amaphoyisa.

Ngemva kwalokho kube sekusuka uthuthuba amaPalestine eshaya amaphoyisa ngamatshe, lusho umbiko.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...