Kudutshulwe kwabulawa ingane, 8, namalungu omndeni

2017-03-02 14:01

Bangkok – Umfana oneminyaka engu-8 ubudala kanye namalungu amathathu omndeni babulawe besendleleni elibhekise esikoleni ezweni iThailand ngoLwesine, kusho iziphathimandla.

Sekuphele iminyaka engaphezu kweyishumi kunodlame eningizimu yezwe iThailand, kanti lolu dlame lukhula ngamandla njengoba iMalay-Muslim ivukela abenkolo iBuddhism.

Babalelwa kwabangu-6 800 abantu asebebulawe – ikakhulukazi okuyizakhamuzi – ezehlakalweni zodlame phakathi kwabantu balezi zinkolo.

OLUNYE UDABA: Ushonile owesifazane ongeniswe emlilweni kukhishwa amadimoni

Ekuseni ngoLwesine oshayasibhamu bavulele ngenhlamvu bebhekise emotweni kababa obehambisa indodana yakhe esikoleni esifundazweni iNarathiwat, kusho okhulumela amasosha.

Emotweni bekukhona umyeni, unkosikazi, indodana kanye nodadewabo kankosikazi, kanti bobane badutshulwe bashona kulesi sigameko.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...