Kudlwengulwe kwabulawa ingane 7

2016-12-06 18:00

Bogota – Amakhulu abantu baseColombia ebebediniwe angene emigwaqeni ebhikisha kulandela ukudlwengulwa kwengane,7, ebulewe ngemuva kokudlwengulwa kade ithunjiwe eBogota.

Amaphoyisa athe ngoMsombuluko amakhamera ezokuphepha athwebule isigameko esiveza kuthunjwa ingane ngesikhathi idlala ngaphandle komuzi wakubo.

Ingane itholakale iklinyiwe endlini eseBogota.

OLUNYE UDABA: Kushone abantu ibhasi lingena esizibeni

Zilinganiselwa kwezingu-40 izingane ezidlwengulwayo nsuku zonke eColombia. Kodwa izinga lokubulawa kwazo selikhula ngamandla.

Iqulu labantu abalinganiselwa kwabangu-50 belimemeza ngaphandle komtholampilo lithi ‘umdlwenguli, umbulali’ njengoba engeniswe khona umsolwa ngokudla ngokweqile izidakamizwa.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...