Kudlwengulwe izingane ezimbili, kwabulawa intombazane ena-12

2017-11-25 15:04

Mexico City – Kushone intombazane eneminyaka engu-12 ubudala ehlaselwe ngumuntu waphinde wadlwengula odadewabo abancane ababili besekhaya enyakatho yeMexico, edolobheni iCiudad Juarez.

Ihhovisi likamshushisi eChihuahua lithi le ntombazane ishone ngokunklinywa. Alizange liyikhiphe imininingwane mayelana neminyaka yala mantombazane amancane, kepha abezindaba bathi abeneminyaka engu-10 no-11 ubudala.

Ihhovisi ngoLwesihlanu liveze ukuthi umsolwa usagcwele amathafa.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe owesimame kwashaywa indoda kudunwa imoto

Lesi sigameko senzeke ngoLwesithathu endaweni yabadla imbuya ngothi entshonalanga yaleli dolobha lapho okwatholakala khona izidumbu zamantombazane amaningi ngeminyaka yawo-1990.

Izishoshovu zamalungelo abantu eMexico zithi lenyuke kakhulu izinga lokubulawa kwabesifazane nezingane kule minyaka eyedlule.

ULuis Raul Gonzalez Perez, ongumengameli weNational Human Rights Commission eMexico, ngoLwesihlanu uthe isibalo sabantu besifazne ababulawa eMexico ngonyaka senyuke sisuka ku-1 519 ngo-1990 saya ku-2 813 ngo-2016.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...