Kudingeke lihlale kwelinye izwe ibhanoyi ngenxa yezithandani

2017-11-08 07:05

Channai - Kusuthe esinamathambo ebhanoyini lisemoyweni ngeSonto eledlule ngesikhathi owesifazane ethola ukuthi umyeni wakhe uyaphinga.

Ngokombiko we-Times of India, izithandani bezihamba nengane yazo ziya eDoha, eQatar zisuka eBali e-Indonesia.

Ngesikhathi umyeni elele eceleni kwakhe ebhanoyini, owesifazane kuthiwa uthole ithuba lokubuka umakhalekhukhwini wakhe.

Ngokushaqeka, owesifazane uthole ukuthi umyeni wakhe uyaphinga.

OLUNYE UDABA: Ushayasibhamu ubulale 26 wabantu esontweni

Uvele wahluleka ukuzibamba, ngenxa yokudinwa wavuka umbhejazane, ngisho izisebenzi zasebhanoyini zihlulekile ukumehlisa umoya, kwadingeka ukuba ibhanoyini lihlale eChennai, e-India.

Okwenze lona wesifazane wangakhuzeka ukuthi ubephuze notshwala, edakiwe.

Lezi zithandani kanye nengane yazo bakhishiwe ebhanoyini, laqhubeka nendlela yalo, bona bengekho.

Kuthe lona wesifazane esewehlisile umoya, bangeniswa ebhanoyini ebeliya eDoha.

- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 19-30°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...