Kubulawe iziboshwa ebezeqe ejele

2017-07-16 13:30

Manila – Kushone iziboshwa ezintathu ngeSonto kwalimala esinye ngemuva kokweqa ejele eliseningizimu yePhilippine, kusho amaphoyisa.

Abashonile bebeyingxenye yeziboshwa ezingu-14 ezeqile ejele eJolo, kusho iziphathimandla.

IJolo iyisizinda seqembu elivame ukuthumba abantu i-Abu Sayyaf, kanti iningi lalabo ebebeboshiwe bamataniswa naleli qembu, ngokusho kwesikhulu samaphoyisa uMario Buyuccan.

OLUNYE UDABA: Kushone 22 wabantu kusha indlu

"Banqamule izinsimbi esitezi sesibili. Amasopsha ethu aphuthume kweyesehlakalo, kwabulawa ezinye zeziboshwa,” kusho uBuyuccan etshela i-AFP.

"Ezinye iziboshwa zimataniswa ne-Abu Sayyaf."

Kuleli jele bekuneziboshwa ezingu-32 kanti iningi lazo belibhekene namacala ezidakamizwa, kusho uBuyuccan.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...