Kubulawe abangu-11 ephathini yengane

2017-07-14 17:59

Mexico City – Abahlaseli abebehlome ngemibese kuthiwa bagasele ephathini yengane eMexico, bagwaza abantu abangu-11 bashona, okubalwa nezingane ezimbili ezisencane, kusho izikhulu ngoLwesine.

Umshushisi woMbuso waseHidalgo, uJavier Ramiro Lara Salinas, ukhulume esithangamini sabezindaba wathi uphenyo lokuqala lukhombisa ukuthi lokhu kuhlasela okwenzeke emzini ongaseTizayuca, enyakatho yeMexico City, bekuyisigameko sokuziphindiselela.

Phakathi kwabashonile bekukhona owesilisa okuvele ezintweni zakhe ukuthi uyiphoyisa elisebenzela eMexico City. ULara uthe umnikazi womuzi ubeke wahlala ejele kulandela ukulahlwa yicala lokuthumba.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa umsiki wengqephu ephathini

Iziphathimandla zithi zithole ucingo oluphuthumayo ezintatha ngoLwesine lizazisa ngalesi sigameko.

Amaphoyisa athole izidumbu ezingu-11 – eziyisikhombisa bekungezabantu besifazane ezine kungezabesilisa, okubalwa nezingane ezimbili ezisencane ngokweminyaka.

Ezinye izingane ezine zisindile kulesi sigameko, zaphuma zingenamyocu.

Bonke abashonile babulawe ngemibese nezinye izikhali ezisetshenzisiwe ukubasika.

Le ndawo okwenzeke kuyo lesi sigameko ayivamile ukuthi ibe nezigameko zodlame uma kuqhathaniswa nezinye izingxenye zeMexico.

 

 

 

                                         

 

 

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. More sun than clouds. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...