Kubulawe 5 wabantu ethempeleni lamaSulumane

2017-01-30 07:30

Quebec City – Babalelwa kwabahlanu abantu ababulewe kwalimala inqwaba ngesikhathi oshayasibhamu bevulela ngenhlamvu ethempelini lamaSulumane eQuebec City ebusuku ngeSonto, ngokombiko wabezindaba.

Okhulumela amaphoyisa aseQuebec ukuqinisekisile ukuthi kukhona abantu ababulewe, kodwa wangalidalula inani.

Abasolwa ababili baboshiwe ngalesi sehlakalo, usho kanje.

OLUNYE UDABA: UMengameli waseMelika usevale imingcele okwesikhashana

Amaphoyisa awazange ayichithe imibiko ethi kungenzeka kube nomsolwa wesithathu obalekile.

Imbangela yesehlakalo ibingakacaci.

Ngokombiko we-CBC, okhulumela amaphoyisa aseQuebec City u-Constable Etienne Doyon, uthe ngesikhathi sesehlakalo bekubuthene amadoda ethempeleni ezokwenza umkhuleko wakusihlwa.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showery. More sun than clouds. Cool. Pta: 6-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-22°C Mostly sunny. Cool. PE: 12-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...