Kuboshwe umama kutholakala izingane ezanyamalala ngo-1985

2017-01-18 07:26

Scituate - Izelamani ezimbili zamantombazane ezanyamalala eRhode Island nomama wazo ngo-1985 zitholakale endaweni yaseHouston, kanti unina uthweswe icala lokuzeba, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

Amaphoyisa ancizwa indlebe ngumuntu ongaziwa ngaphambi kokaKhisimusi nokwawaholela kuKimberly noKelly Yates kanye nonina oneminyaka engu-69 ubudala, u-Elaine, kusho amaphoyisa aseRhode Island uLt. Col. Joseph Philbin.

U-Elaine Yates, obehlala eHouston ezibiza ngoLeina Waldberg, uboshwe ngoMsombuluko kanti uzovela enkantolo ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele owesifazane obanjwe nenqwaba yamakhondomu

UKelly wayenezinyanga eziyishumi kanti udadewabo yena wayeminyaka emithathu ubudala ngesikhathi benyamalala.

UKelly, oseneminyaka engu-32, noKimberly, 35, bebengasahlali nonina kodwa bahlala khona endaweni yaseHouston  futhi basesimeni esihle sempilo, kusho uPhilbin.

Ubaba wezingane, uRussell Yates, wazisiwe ngokuboshwa kwalona wesifazane, kusho uPhilbin.

Ube esenikezwa imininingwane yamadodakazi akhe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...