Kuboshwe owesifazane kutholakala usana olushonile ethoyilethi ebhanoyini

2018-01-07 16:59

Jakarta – Amaphoyisa ase-Indonesia ngeSonto abophe osolwa ngokuba umama wengane esandakuzalwa etholakale ishonile ethoyilethi elisebhanoyini e-Jakarta's international Airport.

UHani,37, waseCianjur eWest Java, uboshwe esanda kufika nje eBangkok eSoekarno-Hatta airport ngabo-01:00 ekuseni, kusho isikhulu samaphoyisa u-Ahmad Yusef.

"Ubengabukeki esesimeni esihle sempilo, ngakho ngeke aphekwe ngemibuzo kuze kube usesimeni esihle sempilo. Lona wesifazane okwamanje ugcinwe esikhungweni sezempilo esikhumulweni sezindiza,” kusho uYusef kwi-AFP.

Amaphoyisa asola ukuthi uHani, obesesebenze iminyaka emine e-Abu Dhabi, uzibelethise ingane kungazi muntu esebhanoyini ebeliya eJakarta ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: Usobishini othengele ingoduso indadatho ngemali eyebiwe

Ngemuva kwamahora amane ibhanoyi lisukile ubonakale opha, nokwenze abasheyeli bebhanoyi balijikise baliyise eBangkok.

Kubizwe ithimba labezempilo ukuba lizosiza uHani ngesikhathi ibhanoyi selifikile eSuvarnabhumi International Airport eBangkok, esho.

Ibhanoyi libe seliqhubeka nendlela yalo ngaphandle kowesifazane.

Izisebenzi zasebhanoyini eJakarta zithole ingane isongwe ngoplastiki kwelinye lamathoyilethi, kusho uYusef, kodwa akwaziwa ukuthi lufe  kanjani lolu sana okwamanje. 

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...