Kuboshwe ongafunanga ukusukuma kuculwa iculo lesizwe

2017-11-27 18:00

Manila - Ungene obishini owesilisa oneminyaka engu-20 ubudala ngokuhlala phansi alibale ukudla u-popcorn ngesikhathi kuculwa iculo lesizwe.

Ngokombiko weCoconuts, uBayle Einstein Gonzales, 20, ubebukela ifilimu iJustice League e-cinema eseClark, ePampanga enyakatho yezwe lasePhilippines ngempelasonto edlule.

Ezweni lasePhilippines kufana nosiko ukuba kuculwe iculo lesizwe, iLupang Hinirang, ngaphambi kokuba kudlale ifilimi yokugcina yosuku.

Kuphinde kube nemithetho eqinile mayelana nokuhlonishwa kwefulegi kanye neculo lesizwe.

Abantu ababanjwe bengalihloniphi ifulegi noma iculo lesizwe bangahlawuliswa imali esukela ku-PHP5 000 kuya ku-PHP20 000 (okuyimali elinganiselwa ku-R1 400 kuya ku-R5 600) noma bagwetshwe unyaka bebhadla ejele.

OLUNYE UDABA: Ushone kabushlungu obezama ukuthatha i-selfie

Nakuba beyingcosana kakhulu abantu aseke bathweswa icala ngale mithetho, uBayle ubenebhadi njengoba ebonwe yisikhulu sikahulumeni, u-Elmer Cato, e-cinema ngesikhathi enqaba ukusukuma kuculwa elesizwe, waqhubeka nokuzidlela u-popcorn wakhe.

UCato, oyinxusa lasePhilippine e-Iraq, uthe wehlulekile ukuhlala angenzi lutho esebone uBayle engalihloniphi iculo lesizwe njengoba ngisho nabantu bokufika ebebekhona bebemile ngezinyawo kodwa yena ehlezi phansi, edla.

UCato uthe ubecasuke efa ngesikhathi ebukela ifilimu ngaphambi kokuba abize amaphoyisa, abophe uBayle.

Imibiko ithi uBayle uyaziphika lezi zinsolo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...