Kuboshwe obezizulela nesidumbu sosana emotweni

2017-05-04 09:30

Williamsport — Amaphoyisa abophe owesifazane wasePennsylvania, eMelika, okuthiwa uzale ingane wafaka isidumbu sayo emotweni, wazula nayo.

Amaphoyisa athi lona wesifazane uboshiwe ngecala lokuhlukumeza isidumbu nangamanye amacala.

Amaphoyisa ase-Old Lycoming Township athi uChesney Anne Wheeler, 37, uzale ingane yentombazane endlini ngaseWilliamsport ngomhlaka 12 Ephreli, wafaka isidumbu sayo ebhokisini ebelisemotweni, wazula naso.

Isidumbu size satholakala ngakusasa ngaphandle kwaseWilkes-Barre General Hospital.

Imiqulu yasenkantolo iveza ukuthi amaphoyisa athi uWheeler wawatshela ukuthi waya kulesi sibhedlela esikude ngenxa yokuthi wayenokwesabela ukuthi odokotela bazothola ukuthi wayedle izidakamizwa ngobusuku olwandulela usuku azala ngalo indodakazi yakhe.

OLUNYE UDABA: Kuphinde kwatholakala olunye usana 'lulahliwe'

Indodakazi yakhe izalwe ngaphambi kwesikhathi esifanele.

Amaphoyisa athi ukuhlolwa kwesidumbu akucacisanga nokho ukuthi ingane ngabe izalwe iphila yini.

UWheeler ubesagcinwe esitokisini ngoLwesithathu kanti icala lakhe lizolalelwa ngoMeyi 10.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 18-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-23°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...