Kuboshwe abazali abebekhiyela endlini ingane ekhubazekile

2017-12-27 14:03

Tokyo – Amaphoyisa aseJapan ngoLwesithathu abophe indoda nonkosikazi wakhe ngemuva kokutholakala kwendodakazi yabo, 33, ishonile.

Le ndodakazi kuthiwa ibivaleleke egumbini elincane lapho bekagcinwe khona iminyaka, kanti isidumbu sayo sitholakale siyiqhwa.

Kuthiwa le ntokazi ibigcinwa lapha ngpba ikhubazekile engqondweni nokuyinto ebimenza abe nodlame futhi nolaka.

OLUNYE UDABA:Kuxwayiswa abazali ngezikole zokusoka ezingekho emthethweni

Amaphoyisa ase-Osaka Prefectural athi isidumbu sika-Airi Kakimoto besesibolile ngesikhathi abazali bakhe bebika ukuthi useshonile ngoMgqibelo.

 Laba bazali uYasutaka Kakimoto, 55, noYukari Kakimoto, 53, bavumile ukuthi bebephakela indodakazi yabo kanye ngosuku kuleli gumbi selokhu bamvalela khona isikhathi esingangeminyaka engu-15.

“Indodakazi yethu iphazamisekile ekhanda, kusukela eneminyaka yo-16 no-17 ibinodlame, yingakho sasiyigcina kuleli gumbi kusho abazali betshela amaphoyisa.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...