Kuboshwe abafundi ngokufa komunye ethoyilethi lesikole

2018-02-04 08:39

New Delhi – Umfundi ‘ushaywe’ wabulawelwa ezindlini zangasese zesikole enhlokodolobha laseNdiya, kwaboshwa abanye abafundi abathathu ngesigameko.

"Umfana utholakale equlekile endlini yangasese esikoleni esisempumalanga yeDelhi ngoLwesine. Ube esephuthunyiswa esibhedlela washona esanda kufika khona,” kusho u-Ajit Kumar Singla, oyiphini likakhomishana wamaphoyisa eDelhi ngoLwesihlanu.

USingla uthi kune-video eveza isisulu silwa nabanye abafundi abane ebebesilandela ngesikhathi siyongena endlini yangasese.

OLUNYE UDABA: Likhishwe phambili iwele ebelisolwa ngokubulala elinye

"Ushaywe ngequpha ebusweni nakwezinye izingxenye zomzimba. Isidumbu sithunyelwe ukuba siyohlolwa,” kusho uSingla.

Abafana abathathu baboshiwe kanti kusathungathwa owesine, kuqhuba uSingla, ophinde wathi, ababoshiwe sebethweswe icala lokubulala kanti uphenyo luyaqhubeka.

Lesi sigameko senzeke kungakapheli izinyanga eziyisithupha umfana oneminyaka eyisikhombisa ubudala, uPradyuman Thakur, atholakala enqunywe uqhoqhoqho endlini yangasese esikoleni saseDelhi, nokwaqubula ukukhathazeka ngokuphepha kwezingane ezikoleni kulesi sifunda.

- DPA

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...