Kuboshwe 6 wezivakashi ebezithenga amantombazanyana

2017-09-23 10:13

New Delhi – Amaphoyisa aseNdiya abophe abantu abangu-8 besizwe sama-Arab abasolwa ngokukhokha izindodla zemali ukuze bezohlanganiselwa ngabantu abathize ukushadelwa yizingane ezincane, kusho izikhulu ngoLwesine.

Abantu abahlanu base-Omani nabathathu baseQatari bagcinwe edolobheni laseHyderabad lapho amaphoyisa ebophe khona izicebi ezingabantu bokufika ebezifuna amakhosikazi enyanga eyodwa.

U-V Satyanarayana, oyiphini likakhomishana wamaphoyisa, uthe angu-8 abantombazanyana ahlengwe ezindaweni ezahlukene kuleli dolobha.

OLUNYE UDABA: Ishonile indoda ezokhele ngomlilo ngaphandle kwePhalamende

Kuphinde kwaboshwa abahlanu abasolwa ngokuhlela lolu hlobo lwemishado kanye nabanye abantu abane bezindawo obekugilelwa kuzona le mikhuba.

"Laba besilisa besizwe sama-Arab bebekhokha phakathi kuka-$4 500 kuya ku-$15 500 ukuze bahlanganiswe namantombazanyana abazowenza amakhosikazi esikhashana,” kusho uSatyanarayana etshela i-AFP.

- AFP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...