Kubhubhe abangu-21 kugingqika iloli ebelithwele abantu abebeya emshadweni

2018-04-18 19:33

Kushone okungenani abantu abangu-21 abebelibangise emshadweni ngesikhathi iloli abebehamba ngalo liphonseka ebhulohweni, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Le yingozi yakamuva enyantisayo ukwenzeka eNdiya njengoba imigwaqo yakuleliya lizwe idume ngezingozi.

Leli loli, ebelithwele abagibeli abangaphezu kuka-40, lishayise izinsimbi ezisonqenqemeni lomgwaqo eMadhya Pradesh ebusuku ngoLwesibili lase liyokhalakathela eweni.

Amaphoyisa asesifundeni iSidhi athi abanye abantu abangu-21 balimalile kule ngozi, abanye babo kabi.

"Amathimba ehlukene amaphoyisa kanye nabezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko beyotakula abasindile. Iningi labalimele belisesimweni esibucayi," kusho okhulumela amaphoyisa uVishal Sharma etshela i-AFP.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa umculi enandisa emshadweni

Imbangela yale ngozi ayaziwa kepha uSharma uthi kungenzeka ukuthi umshayeli ubehamba ngesivinini esiphezulu.

INdiya ibalwa namazwe anesibalo esiphezulu sezingozi zomgwaqo emhlabeni jikelele njengoba kushona abantu abangaphezu kuka-200 000 ezingozini njalo ngonyaka, ngokwezibalo zeWorld Health Organisation.

Ngesonto eledlule, kwashona okungenani abantu abangu-30, okubalwa nezingane ezingu-27, eHimachal Pradesh ngesikhathi kugingqika ibhasi lezingane zesikole.

Ngosuku olulandelayo kwashona abantu abangu-18 ngesikhathi iloli eyayithwele abasebenzi igingqika emgwaqeni omkhulu entshonalanga yeNdiya.

Izingozi eziningi kuleliya lizwe zidalwa yimigwaqo engekho esimweni esifanele, izimoto ezingakulungele ukuba semgwaqeni kanye nokushayela budedengu.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...