Kube wubuzukuzuku ukukhipha ikokoroshe endlebeni yowesifazane

2018-05-07 12:37

Florida - Kuthathe izinsuku ezingu-9 nodokotela abathathu ukukhipha ikokoroshe elangena endlebeni yowesifazane waseFlorida elele.

UKatie Holley, owabhala indatshana ngokwamehlela, uthe ngobunye ubusuku ngo-Ephreli wavuka ezizwa engathi kukhona ofake iqhwa endlebeni yakhe yesokunxele.

Kodwa kwakungesilo iqhwa.

OLUNYE UDABA:Ucishe wadabula amafu ongenwe yikokoroshe ekhaleni

UHolley waguduza indlebe, okuyilapho-ke ezwa khona into enyakazayo, kuthe uma ekhipha okokuguduza endlebeni wabona izinto ezinsundu ezincane sengathi imilenze. Umyeni wakhe wabe esethatha ithoshi wabuka ukuthi kukhonani, wathola ukuthi kukhona ikokoroshe. Wakwazi ukudonsa imilenze embalwa kodwa lavele labambelela kakhulu.

Lezi zithandani ezasizinetwetwe, zaphuthuma esibhedlela lapho onesi bajova khona ikokoroshe ngomjovo i-anesthetic Lidocaine bezama ukulibulala.

"Ukungenwa yikokoroshe endlebeni kuyinto engachazeki."

Kwathatha udokotela imizuzwana engu-20 ukukhipha leli kokoroshe. Kodwa kubukeka sengathi kukhona okwasala njengoba indlebe yakhe yayisebuhlungwana.

UHolley wabe eseya komunye udokotela naye owakhipha ezinye izicubu ezingu-6 zaleli kokoroshe kodwa ezinye izicubukwakhishwa omunye udokotela onguchwepheshe wezindlebe, amakhala nemiphimbo.

- TimesLive



- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...