Kube ngumashiywa owesilisa ekhipha inyoka esitimeleni

2016-07-21 19:02

Sydney – Kukhale ubumayemaye, kwaba ngumashiywa esitimeleni ngesikhathi owesilisa ehosha inhlwathi esikhwameni, kulandela ukubuzwa ukuthi sinyakaziswa yini, kusho amaphoyisa ase-Australia.

Le nyoka, ogama layo nguBread, ikhishwe yibhungu elineminyaka engu-20 ubudala esikhwameni esitimeleni ebesigcwele abantu.

Abagibeli abebekhathazekile ngokuphepha kwale nyoka babe sebeshayela amaphoyisa ucingo.

OLUNYE UDABA: Itholakele inhlwathi eyodwa eSandton

Lo wesilisa ube esephucwa le nyoka ngemuva kokutshela amaphoyisa ukuthi akanazo izincwadi ezimvumela ukuba ayifuye.

"Siyacela bandla abantu bangahambe besabisa abanye ngokukhipha izinyoka ezitimeleni,” kusho okhulumela amaphoyisa aseBrisbane Waters uSuperintendent Danny Sullivan.

Le nyoka ibe isiyiswa lapho kulondolozwa khona izilwane, kusho uSullivan.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-26°C Rain early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-21°C Showers early. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-28°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Sprinkles. Morning clouds. Warm. PE: 19-26°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...