Kubalekiswe abantu e-Airport kugwazwa iphoyisa

2017-06-22 18:00

Michigan  - Kudingeke ukuba abantu bakhishwe eBishop International Airport eFlint, eMichigan, ngoLwesithathu ngemuva kokuba kugwazwe iphoyisa emqaleni, kusho iziphathimandla.

Bonke abagibeli baphephile, ngokwesitatimende sesikhumulo sezindiza esifakwe ekhasini likaFacebook.

Iphoyisa ligwazwe liphakathi esikhumulweni sezindiza, labe seliphuthunyiswa esibhedlela, ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseMichigan uDavid Kaiser.

OLUNYE UDABA: Ulahlwe yicala owanxusa ukuba isoka lizibulale

Iphoyisa lisesimeni esibucayi, kanti i-Federal Bureau of Investigation (FBI) iyona ehola uphenyo ngesigameko, kusho amaphoyisa.

Amaphoyisa abophe umsolwa, ngokusho kweMeya yaseFlint uKaren Weaver, esitatimendeni.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...