Izwe lizovala ukudayiswa kwezimoto ezisebenzisa uphethiloli, udizili ngo-2040

2017-07-27 19:30

London – Uhulumeni waseBrithani uthi uzokuvala ukudayiswa kwezimoto ezintsha kanye namaveni asebenzisa udizili kanye nophethiloli kusukela ngonyaka ka-2014 njengoba iziphathimandla zifuna ukuqeda ngokungcoliseka komoya.

Lesi sinqumo simenyezelwe ngoLwesithathu oyi-Environment Secretary, uMichael Gove, kulandela izinyathelo ezifanayo eFrance naseNorway. Lokhu kuza njengoba nobuchwepheshe bezimoto ezisebenza ngogesi bulokhu bukhula.

UGove utshele iBBC ukuthi “akukho ukwenza ngokunye ekwamukeleni ubuchwepheshe obusha.”

OLUNYE UDABA: UTelkom uwine ingqophamlando yecala ngoVodacom

Uhulumeni waseBrithani kulindeleke umemezele uxhaso lwemali engu-£255-million ukusiza imiphakathi yakuleliya lizwe ukuze ibhekane nokungcola komoya.

Lezi zinyathelo ziyingxenye yetulo lomoya ohlanzekile okulindeleke ukuba lishicilelwe ngoLwesithathu, sekusele izinsuku ezimbalwa nje ngaphambi komnqamulajuqu owabekwa yiNkantolo eNkulu.

Abomkhankaso bafuna uhlelo lokugcina luxhaswe nguhulumeni ngemali kanye nokuthi kuqedwa nya ukusetshenziswa kukadizili.

Zibonele i-video echaza kafushane ngalesi sinyathelo ngezansi:

- Wheels24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...