Izogwetshwa intombi 'eyaphoqa' isoka ukuba lizibulale

2017-08-04 14:01

eMelika - UMichelle Carter ulahlwe yicala lokubulala ngokungenhloso ngesikhathi kuqulwa icala lakhe elithathwa njengelingajwayelekile ngoba umufi wazibulala.

Umufi uConrad Roy, 18, oyisoka lalo wesimame watholakala eshonile ebulewe wushevu we-carbon monoxide ehleli evenini yakhe ngoJulayi 2014.

UCarter, owayeneminyaka engu-17 ngesikhathi sesigameko ozovela enkantolo yezingane eTaunton, lapho ezogwetshwa khona.

OLUNYE UDABA:Kusolwa udlame lwasekhaya ngokuphuma kwezidubmu ezimbili

Ngokwemibiko yabezindaba eMelika, izihlobo zikaRoy zifuna le ntokazi igwetshwe iminyaka engu-20.

Kuvele enkantolo ukuthi lezi zithandani zathumelana inqwaba yemilayezo lapho le ntombi incenga isoka ukuba liqhubeke nezinhlelo zalo zokuzibulala, kodwa afihlele abazali bakhe nokuthi aqambe amanga kumama wakhe.

Ezinye izazi zezomthetho ziyakungabaza ukuthi indima eyadlalwa yile ntombi kulesi simo yanele ukuba angagwetshwelwa leli cala.

Yize kunjalo, iJaji uLawrence Moniz uthe iyona le ntokazi eyayalela isoka ukuba libuyele emotweni futhi nokuthi ayizange iphuthume ixhumane nabosizo lokuqala ngemuva kwalesi sigameko yikona okubaluleke kakhulu okwenze yalahlwa yicala.
 
 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...