Izizathu zokwehla kwezinga lokwenziwa kocansi

2017-05-13 15:35

New York – Ukufika kobuchwepheshe kusisize kakhulu akwenzeni impilo ibe lula, kepha lolu shintsho aluzange lube luhle kuzona zonke izingxenye zempilo yomuntu.

Ucwaningo lwakamuva lutshengisa ukuthi selehlile izinga lokwenza ucansi kubantu kulesi sikhathi samanje, uma kuqhathaniswa neminyaka eyishumi eyedlule.

Ngokwesilinganiso, kubantu baseMelika selehle ngezikhawu ezingu-9 izinga lokuzibandakanya ocansini nabantu abathandana nabo uma kuqhathaniswa iminyaka yama-90s kanye nelandela u-2010.

OLUNYE UDABA: Izizathu ezingenza ukuthi uthathelwe noma uthathele umngani isoka

NgoMashi, abacwaningi baseMelika oJean Twenge, Ryne Sherman noBrooke Wells bashicilela umbiko othi abantu sebezibandakanya ocansini izikhawu ezingu-53 nje kuphela ngonyaka uma kuqhathaniswa nezingu-62 eminyakeni eyishumi eyedlule.

Lokhu kutshengisa ukuthi lehle ngo-15% izinga lokwenza ucansi kubantu.

Ezinye izizathu zokwehla kwezinga lokwenziwa kucansi; kubalwa ukubukwa kwezithombe zocansi kakhulu ngenxa yokukhula ngesivinini kobuchwepheshe besimanje, ukuzibophezela kakhulu emsebenzini bese abantu bengasaba naso sikhathi somndeni kanye nesikhathi okuphila kuso njengamanje esibiza ukuthi abantu behlezi bematasa ngokuthile.

Thola udaba oluphelele lapha.

- BBC

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...