IZITHOMBE: Uthuke woma umfana ecishe ehlala phezu kwenyoka ethoyilethi

2017-09-05 19:29

Essex – Uthuke kwaphela nasozwaneni umfana oneminyaka eyisihlanu ubudala ngesikhathi ethola inhlwathi ngaphakathi ethoyilethi ngesikhathi evula isivalo.

Umama walo mfana, uLaura Cowell, uthi ingane yakhe ihayize yagcwala indlu ekhaya labo eliseSouthend, e-Essex.

Kube sekubizwa ongoti abasebenza ngezilwane ukuba bazothatha lolu holokoqo lwenyoka olungu-91 wamasentimitha ubude.

UCowell uthe ithoyilethi labo belinenkinga kulezi zinsuku amanzi engahambi kahle, kepha engazi ukuthi kudalwa yini lokhu.

Kuthiwa le ngane ihlangabezane nale nkinga iyozikhulula ngoLwesithathu olwedlule.

"Ubeqhaqhazela ngenxa yokwethuka, bengazi ukuthi kukhona okungalungile kepha bengingalindele ukuthi ngingathola inyoka,” esho.

Ngemuva kokuthi le nyoka itholakele, umnikazi wayo uvelile wathi ibisimlahlekele cishe izinyanga ezimbili.

Buka izithombe ngezansi:

- BBC

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...