IZITHOMBE: Usale emabokoboko owesifazane oqhunyelwe ama-headphone ewafakile

2017-03-15 13:59

Sydney – Owesifazane oqhunyelwe ama-headphone akhe maqede okheleka ngomlilo esawafakile ebhanoyini, usale emabokoboko ngenxa yezibazi zokusha ebusweni kanye nasezandleni, izikhulu zase-Australia zisho kanjalo ngoLwesithathu njengoba bezixwayisa ngobungozi bobuchwepheshe obusebenza ngama-battery emabhanoyini.

Lo mgibeli ubesalalele umculo kulama headphone akhe asebenza nge-battery ngesikhathi esohambweni lwamahora amabili esuka eBeijing eya eMelbourne nalapho ebe esezwa khona ukuqhuma okukhulu.

“Ngesikhathi ngithi ngiyaqalaza ngizwe ukusha ebusweni bami,” utshele i-Australian Transport Safety Bureau (ATSB) nokuyiyona ephenya ngalesi sigameko.

OLUNYE UDABA: BUKA: Umlingisi odumile elwa esikhumulweni sezindiza

“Ngivele ngagxavuna ubuso bami nokwenze ama-headphone azungeza emqaleni wami. Ngiqhubekile nokuzwa ukusha ngase ngawagxavuna ngawaphonsa phansi.

“Abehlihliza futhi abenomlilo omncane.”

Abasebenzi basendizeni baphuthume ukoyosiza lo wesifazane maqede babhunyela ngebhakede lamanzi ama-headphone, kodwa i-battery kanye nesivalo sayo bese kuncibilikile maqede kwanamathela phansi.

Ezithombeni kubonakala lo wesifazane, elingadalulwanga igama lakhe, enobuso kanye nomqala ogcwele insizi emnyama kanye namapanyaza ezandleni.

Ngemuva kwalesi sigameko abagibeli kuthiwa bebelokhu bekhwehlela indlela yonke ngenxa yokuhogela ukusha kwacwazi okudalwe ukusha kwama-headphone kanye nezinwele.

Zibonele izithombe zalo wesifazane owehlelwe yile nsumansumane lapha: 

- Traveller24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...