IZITHOMBE: Ivithike yaphela iFerrari umnikazi ethola ingozi esanda kuyithenga

2017-07-28 09:33

South Yorkshire - I-Ferrari 430 Scuderia ishayise ku-M1 ngase-South Yorkshire yandizela emoyeni ngaphambi kokuba ishayeke phansi yathungeleka ngomlilo.

Amaphoyisa athi umshayeli wale moto uhlulekile ukuyilawula, yaphaphalaza ngenxa yobumanzi bomgwaqo kwazise izulu belina.

Ngenhlanhla lo mshayeli uphume kule moto nemihuzuko emincane.

OLUNYE UDABA:BUKA: IFerrari itholane phezulu neMazda eGoli

Amaphoyisa abuze umshayeli ukuthi ubehamba ngahlobo luni lwemoto njengoba efike isiwumlotha wabatshela ukuthi ubeshayela i-Ferrari.

“Ngisanda kuyithola, akukapheli ngisho nehora ngibuya kuyoyilanda,” kusho umnikazi wemoto etshela amaphoyisa, kubika iSky News.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Rain. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...