Izithandani zithi kungcono ingane inukubezwe yibona kunabanye abantu

2018-01-19 18:02

eRussia - Izithandani ezidabuka kwelseRussia zibhekene namacala okunyukubeza indodakazi yazo, kubika iRekord Centurion.

Ngokusho kwamaphoyisa, lezi zithandani, 34, ziphendule indodakazi isigqila socansi.

Laba bazali bagqunywe ezitokisini eVolgograd kanti kukholakala ukuthi bangahle bagwetshwe iminyaka engu-20 uma libalahla leli cala.

Baphucwe wonke amalungelo okukhulisa le ngane yabo ngemuva kokutholaka ukuthi bebeyinukubeza.

OLUNYE UDABA:Izithandani zasebenzisa amaqhinga 'zibamba inkunzi' umshayeli we-Uber

Kuthiwa le ngane ibibhekene nenkulu inkinga phakathi kukaDisemba 2016 noMashi 2017.

Ngaleso sikhathi yayidlwengulwa wubaba wayo eyiphindaphinda umama elele embhedeni nsukuzonke.

Lo mama yena ubhekene necala lokuhlukumeza le ngane ngokuyidlwengula ngenduku eyepulasitiki.

Lo mama watshela amaphoyisa ukuthi yena nendodayakhe bavumelana ngokuthi "bayiqeqeshe lengane isencane."

Bakholwa wukuthi kungcono bazithathele bona ubuntombi bayo, kunokuthi buthathwe ngezinye izigilamkhuba.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...