Izithandani zasebenzisa amaqhinga 'zibamba inkunzi' umshayeli we-Uber

2018-01-10 14:00

Harahan - Izithandani zaseLouisiana zisolwa ngokuzama ukubamba inkunzi umshayeli we-Uber kanti kuzwakale nokuthi owesifazane wadidisa umshayeli ngokuqimba.

Isikhulu samaphoyisa aseHarahan, uTim Walker, utshele abezindasba ukuthi u-Anthony Kennedy, 24, noRayna Fillios, 22, baboshwe ngoMgqibelo.

Isisulu sitshele amaphoyisa ukuthi sanika uFillios inombolo yaso yocingo ngesikhathi sidinga imoto. UFillios wamushayela ucingo emcela ukuthi afike.

OLUNYE UDABA:Izithandani zibanjwe inkunzi epulazini, ziboshiwe

Uthe uFillios wayengasigqokile isikibha ngesikhathi evula umnyango. Iziphathimandla zithi uFillios wabamba isisuslu ngengalo, wasidonsela esifubeni sakhe, wasiqabula waphinda wasiluma nolimi ukusididisa.

Ngesikhathi uFillios ededela isisulu, uKennedy wakhipha ummese wasitshela ukuthi sikhiphe imali. Isisulu sanqaba, uKennedy wasishaya ngequpha.

Lezi zithandani zithweswe inqwaba yamacala okubalwa kuwo okuphanga kuhlonyiwe. Akucaci noma zinaye yini ummeli.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...