"Izingane ezibelethwe ngomthungo zingase zikhuluphale ngokweqile uma zikhula"

2016-09-08 10:06

Washington. D.C - Izingane ezibelethwe ngomthungo zingase zikhuluphale ngokweqile ekukhuleni kwazo, lokhu kushiwo wucwaningo.

Ongoti baseHarvard bathole ukuthi izingane ezabelethwa ngomthungo zinamathuba angu-15% okukhuluphala ngokweqile uma sezikhula.

OLUNYE UDABA: Ukwenza ucansi kunomthelela eholweni lakho - Ucwaningo

Kanti lobu bubgozi bungase buqhubekele phambili uma sezindala.

EBritain izingane ezingamaphesenti angu-26 ezizalwa ngomthungo. Yize isikhathi esiningi kusuke kubalekelwa izinkinga, odokotela basuke bazi kahle ukuthi lokhu kungase kudalele ingane inkinga ekukhuleni kwazo.

Ongoti bacabanga ukuthi lokhu kudalwa wukuthi izingane ezisuswe bukhoma esibelethweni aziwatholi amagciwane ayinzuzo lawo atholakala uma umama ezibelethela.

 - Daily Mail

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...