Izigebengu zikhale zemuka nobucwebe emcimbini

2017-04-04 11:11

Paris – Amaphoyisa aseFrance athi izigebengu zikhale zemuka nobucwebo obungabiza u-€200 000 eGrand Palais eParis ngesikhathi kunombukiso wobuciko.

Okhulumela amaphoyisa uthe izigebengu ezimbili ziqonde kobedayisa kulo mcimbi wezinsuku ezine owaziwa nge-Art Paris.

OLUNYE UDABA: Ushonile obindwe ama-pancake emncintiswaneni

Oyedwa wabasolwa kuthiwa uphazamise obedayisa ngesikhathi elinde impahla yakhe.

Omunye obehamba naye ube esehlwitha isikhwama esinobucwebe ngaphambi kokuba abaleke.

Lo mcimbi waminyaka yonke obanjelwa kuleli dolobha ubukhombisa ngezinto ezibaziwe kanye nobucwebo.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...