Izigebengu zigqekeze esiteshini samaphoyisa zeba izibhamu

2017-03-16 07:02

Peddie - Izigebengu zigqekeze esiteshini samaphoyisa zakhala zemuka nenqwaba yezibhamu, ePeddie, e-Eastern Cape. 

Ngokwemibiko evelayo kwebiwe izibhamu ezilinganiselwa ku-30 okubalwa kuzona ama-9mm, ama-R5 kanye nama-shortgun.

Lokhu kwenzeke ngoLwesibili ekuseni kanti ngokubika kwephephandaba i-The Daily Dispatch, izigebengu zingene ngophahla lwalesi siteshi zagqekeza lapho kugcinwa khona ubufakazi.

OLUNYE UDABA:Umphakathi ushaye washisa izigebengu

Izikhulu zamaphoyisa kulesi sifundazwe zifike kulesi siteshi zizozibonela ngokwazo umonakalo odalekile.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Marinda Mills ukuqinisekisile ukwebiwa kwezibhamu washo nokuthi kusaphenywa ngalesi sigameko.

Isigameko esifana nalesi asiqali ukwenzeka ngoba ngonyaka ka-2010 izigebengu zagqekeza isiteshi samaphoyisa esifundazweni iNorth West.

Amadoda amahlanu afika kulesi siteshi enza sengathi azovula icala kanti azovimbezela amaphoyisa awagebenga izibhamu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...