Izakhamuzi zidle inyoka enkulu elume owesilisa

2017-10-05 16:00

Jakarta - Inhlwathi enkulu ihlasele owesilisa e-Indonesia, ngaphambi kokuba izakhamuzi ebezilambili ziyinqume ziyidle, kusho amaphoyisa ngoLwesithathu.

Unogada uRobert Nababan uhlangane nale nyoka enkulu ngesikhathi egade lapho kwenziwa khona uwoyela ngoMgqibelo.

“Inyoka ibingamamitha angu-7.8 ubude, ibinkulu ngendlela engakholakali,” kusho isikhulu samaphoyisa uSutarja ekhuluma ne-AFP.

USutarja uthe uNababan,37, othandayo ukudla izinyoka kwesinye isikhathi, uzame ukubamba le nhlwathi.

OLUNYE UDABA: Kuzoqulwa elikamama 'owabulala' ingane ngokuyigxisha amaphilisi

Kodwa imhlulile ngamandla, yamluma engalweni, yacishe yamshumpula.

UNababan uphuthunyiswe esibhedlela esiseduzane ukuze ezothola ukwelashwa.

Amaphoyisa athi lona wesilisa usizwe ngomunye unogada kanye nezakhamuzi.

Izakhamuzi ebezilambile ziyibulele le nyoka, zabukisa ngayo emphakathini, ngaphambi kokuba ziyithose, ziyidle.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-27°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 18-20°C Showers late. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...