IVIDEO: Umsolwa eluma inja yamaphoyisa ekhanda

2017-08-02 12:30

London -  Iyalulama inja yaseBritain yamaphoyisa kulandela ukulunywa wumsolwa.

Umsolwa ubejahwa idolobha lonke laseManchester ngaphambi kokuvinjezelwa yinja yohlobo lweGerman Sherpherd.

Umsolwa akazange alilahle ithawula, njengoba ivideo eqoshwe ngeselula imuveza eluma indlebe yenja izama ukuzikhulula.

OLUNYE UDABA:Kugwazwe kwabulawa inja yamaphoyisa isemsebenzini

Le nja, ogama layo nguTheo idedelwe ngamaphoyisa edolobheni laseManchester enyakathoyentshonalanga eNgilande.

UTheo oneminyaka engu-6 ubudala ulwisane nalo msolwa, kodwa umsolwa naye engazibekile phansi, wayikhahlela ngaphambi kokuyingenela ngezinyo ekhanda ngasendlebeni.

Inja ibonakala ilimele kakhulu kanti abathandi bezilwane bafuna umsolwa ashushiswe ngokuhlasela inja nokunqaba ukuboshwa.

UTheo uyinja esebenza ngokuzikhandla njengoba eseke waphuma emaphephandabeni ngokubamba abasolwa ababili ngokugqekeza.

 - VIDEO:

 - EWN

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...