Isizibulele indoda esakaze bukhoma isigameko sokubulala kuFacebook

2017-04-18 19:30

Cleveland – Owesilisa ovele wadumela owesilisa waseCleveland wambulala wabe esefaka i-video yalesi sigameko enkundleni yezokuxhumana uFacebook, uzidubule wazibulala ngoLwesibili ePennsylvania.

Amaphoyisa asePennsylvania State athe uSteve Stephens ubonakale ngoLwesibili e-Erie County, esifundeni esisenyakatho-ntshonalanga.

Izikhulu zithi amaphoyisa azamile ukumisa imoto kaStephens kepha yangama, ase eyayijaha, ngemuva nje kwesikhashana wazidubula washona.

OLUNYE UDABA: Uzibulele obebhekene nawokudlwengula izingane zomakhelwane

Ubefunwa mayelana nesigameko sokubulala esebenzisa isihluku kulandela ukuthi edubule wabulala owesilisa, 74, obezicoshela amathini ngeSonto, ngemuva kokuchitha iPhasika nomndeni wakhe.

UStephens ube esefaka kuFacebook i-video eveza ebulala uRobert Godwin snr, obenezingane eziyishumi, kusho amaphoyisa.

UStephens, 37, wasabalalisa into ayeyiqophile ngeSonto lapho ayezwakala khona ethi unukelwa yigazi, kwathi ngemuva kwemizuzu emibili wafaka i-video ebonisa ebulala uGodwin, kusho uFacebook.

Kuthe ngemuva kwemizuzwana waziqopha evuma icala bukhoma, kusho le nkampani.

 

 

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...