ISITHOMBE: Kuthungathwa owebe ibhodlela likagologo elibiza u-R14million

2018-01-07 13:30

eCopenhagen - Ekuqaleni kwaleli sonto, kwebiwe ibhodlela likagologo okuthiwa lingelinya lamabhodlela abiza kakhulu endaweni yokuqeda ukoma eCopenhagen.

Leli bodlela litholakale ligunquza lodwa ngasendaweni okwakhiwa kuyo khona kuleli dolobhala laseDenmark ekuseni ngoLwesihlanu.

Okhulumela amaphoyisa aseCopenhagen uRiad Tooba uthe:"Angazi ukuthi kwenzakaleni kugologo, kodwa sithole ibhodlela ligunquza lodwa lingenalutho."

OLUNYE UDABA:Waphuza ugologo oxutshwe ne-steel wool owayezama ukuhushula isisu

Leli bhodlela elenzewe ngegolide elimhlophe neliphuzi futhi lahlotshiswa ngedayimane ngomfanekiso we-Russian Imperial Eagle esivalweni kuthiwa libiza u-$1.3 million (R14 million).

Amaphoyisa aseCopenhagen athi leli bhodlela litholakale lisahlelekile kanti lizoyohlolisiswa kahle.

Ubufakazi bamakhamera obuthunyelwe abezindaba bubonisa owesilisa ozivale ubuso edonsa leli bhodlela leRusso-Baltique eCafe 33 ngaphambi kokubaleka ngoLwesibili.

Umnikazi wale ndawo uBrian Ingberg uthi nebhodlela lilodwa lengelenani elishisayo yize selinokulimala.

"Sisasenawo ugologo walolu hlobo, okumele sikwenze wukuthi siwuthele kuleli bhodlela futhi," kusho uIngberg.

Kuthiwa leli bhodlela selike lakhangiswa efilimini i-"House of Cards", alinawo umshwalense kanti futhi labolekwa kusomabhizinisi odabuka kwelaseRussia.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...