ISITHOMBE: Kushone abantu abangu-8 kubhodloka umgwaqo

2018-02-08 18:01

China - Abantu abangu-8 bashonile kanti abathathu basalahlekile ngemuva kwesigameko sokuvuza kwamanzi lapho bekwakhiwa khona isiteshi esingaphansi komgwaqo.

Lokhu kuvuza kwamanzi kudale ukuba umgwaqo ubhodloke kulesi sigameko esenzeke eFoshan, eGuangdong, eChina, ngoLwesithathu ebusuku.

Uhulumeni waseChina ukhiphe isitatimende wathi: “Kutakulwe abasebenzi abangu-9 endaweni yesigameko.”

OLUNYE UDABA:BUKA: Indoda ethathe amaphilisi omvusankunzi idala isiphithiphithi e-airport

"Uyaqhubeka umsebenzi wokutakula abantu, kanti akukacaci kahle ukuthi laba abashonile kanye nalabo abadukile bangabasebenzi na noma cha," kusho isitatimende.

Izithombe eziveza indawo yesigameko zibonakalisa idamu lodaka lapho umgwaqo ubhodloke khona.

Izimo ezifana nalezi yinto evamile ukwenzeka kuleliya lizwe, njengoba ingahlonishwa imithetho yezokuphepha nokuyinto ecasula kakhulu izakhamuzi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...