ISITHOMBE: Kushaqeke onesi ingane izalwa ifumbethe okokuphriventa

2017-05-05 19:27

Alabama – Amanesi kanye nomama wosana basale bedidekile ngesikhathi usana lomfana lubelethwa lufumbethe into yokuhlela umndeni eyafakwa esibelethweni sikanina ukuvimbela ukuba akhulelwe.

Umama wosana, uLucy Hellein, wase-Alabama eMelika uthi impela okukhona kufana nokudaliwe.

“Kuyacaca ukuthi usana lwami kwakudaliwe ukuthi luyoba khona. Yize besingahlelanga ukuthi sibe nomntwana kodwa umndeni wami ujabule kakhulu ngokufika kwakhe emhlabeni,” kusho uHellein.

Lesi sithombe salolu sana sesisatshalaliswe ngabantu abangu-71 000 enkundleni yezokuxhumana uFacebook kusukela saphuma.

Lo mama uthi wathola ukuthi ukhulelwe ngemuva kwamasonto efakwe iMerina device – okunguhlelo lokuhlela umndeni ngokuthi owesifazane afakwe uplastiki osahhuku esibelethweni ukuze angakhulelwa.

ISITHOMBE:

 

- Daily Mail

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 21-30°C Showers early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Dbn: 20-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-19°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...