Isimanga usana luzalwa lunamazinyo

2017-02-22 11:01

Johannesburg - Ukushaqeka owesifazane ebeletha indodakazi enamazinyo angaphambili.

Okuthusa kakakhulu lo mama ukuthi kungenzeka ingane umlume uma eseyincelisa ibele.

Izingane zizalwa zingenawo amazinyo kanti ngokwejwayelekile ziqala ukumilisa sezinezinyanga eziyisithupha ubudala.

Kodwa u-Ella-Rose uthuse ngisho abezempilo ngesikhathi ezalwa, enesisindo esingu-2.5kg, enamazinyo amabili.

OLUNYE UDABA: Uzibulele obengafuni ukubuyiselwa kwelakubo

USamantha Lines, 29, kudingeke ahlinzwe ngesikhathi ebeletha ngenyanga edlule.

"Ngeke ngiqambe amanga, ngiyesaba ukumncelisa ibele u-Ella-Rose.

"Aamazinyo akhe mancane. Ngithenge amabhodlela okuncelisa, uma kwenzeka kubanzima ukumncelisa ibele, kodwa okwamanje angikayiboni inkinga.”

ULines, waseRugby, eWarwickshire, uthi akazi noma kumele yini ingane yakhe ayixubhe amazinyo, futhi akekho umuntu okwazi ukumeluleka ngalokhu.

- Daily Mail

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Daily Mail

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...