Isimanga ingane izalwa 'ikhulelwe' iwele layo

2017-08-02 07:01

New Delhi - Isimanga ingane izalwa "ikhulelwe" iwele layo okuyisigameko esithuse odokotela ezweni.

Ngaphambilini enyangeni kaJulayi ngesikhathi umama wengane oneminyaka engu-19 ubudala eyoxukuza kwabonakala amathambo esiswini sale ngane eyayingakakhuli ngokuphelele esiswini ngaleso sikhathi, kusho udokotela uBhavna Thorat.

"Ngesikhathi kuhlolwa umama, sabona kukhula enye ingane enengqondo, ingalo nemilenze esisiwni sombungu," kusho uThorat.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Umfana, 13, ushadelwe yintombi yakhe ekhulelwe

"Lo mama wayekhulelwe amawele. Kodwa elinye iwele lakhulu esiswini sale enye ingane, lakhula laze laba namasonto angu-13 labe selima ukukhula," usho njalo.

Ngemuva kokuzalwa kwale ngane ngomhlaka-20 Julayi esibhedlela iBilal, eThane eduzane nasentshonalanga yedolobha iMumbai, le ngane ihlinzwe ngesonto eledlule ukuze kuzokhishwa ingane ebingaphakathi kuyo.

Odokotela bakwesinye isibhedlela bahlinza le ngane ngomhlaka-25 Julayi bekhipha iwele lomfana ebelingamasentimetha ayisikhombisa ubude linesisindo esingu-150g.

"Azibanga khona izinkinga. Bobabili umama nengane basasesibhedlela kodwa basesimeni esikahle ngokwempilo," kusho omunye udokotela, uNeena Nichlani, etshela abezindaba i-DPA.


 - IOL

- DPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...