Isihlabani somdlali webhola sizoshadelwa yisithandwa seminyaka

2017-06-09 11:01

Rosario – Umdlali webhola ongaconsi phansi kubalandeli, uLionel Messi, kulindeleke ukuba abophe ifindo likasofasilahlane nesinqandamathe sakhe seminyaka nesiphinde sibe ngumama wezingane zakhe ezimbili, u-Antonella Roccuzzo, endaweni abahlala kuyona eRosario ngomhlaka-30 kuJuni, lo mgadli we-Argentina udalule lezi zindaba ngoLwesine.

“Umshado uzoba seRosario, Argentina, ngomhlaka-30 kuJuni,” kusho inkampani yezokuxhumana ephethe izindaba zikaMessi, i-6Pointer.

OLUNYE UDABA: Usaziwayo udalule ukuthi akakwazi ukuthola abantwana

Lo mshado ophakathi kwalo mdlali oseke wawina indondo yeBallon d'Or amahlandla amahlanu kanye nesithandwa sakhe aqala ukwazana naso kusukela besebancane uzobanjwa ebandleni laseRosario nalapho kulindeleke ukuthi kutheleke ozakwabo bakaMessi eqenjini lakhe iBarcelona.

Phakathi kwabanye babadlali abalindelekile kubalwa umgadli we-Uruguay, uLuis Suarez, kanye nonkosikazi wakhe, uSofia Balbi.

UMessi uzobe ehlanganisa iminyaka engu-30 ngomhlaka-24 kuJuni kanti uRoccuzzo yena uneminyaka engu-29 njengoba lezi zithandani sezibe ndawonye iminyaka engu-9 futhi banezingane ezimbili, uThiago oneminyaka engu-4 kanye noMateo, osemncane.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...