Isigwebo sentambo kowabulala owesifazane wafaka isidumbu sakhe epotimendeni

2018-03-27 12:32

Lubbock - Abameli besiboshwa esilindele ukubulawa, esidume ngelika"suitcase killer", sebefake isicelo eNkantolo eNkulu yaseMelika ngemizamo yokumisa ukubulawa kwaso okuhlelelwe namhlanje.

Le ndoda yalahlwa yicala lokubulala owesifazane waseLubbock isidumbu sakhe esatholakala sifakwe epotimendeni sase silahlwa lapho kuchithwa khona udoti.

URosendo Rodriguez III, waseSan Antonio, wathola ukugxekwa ngalesi sigameko sokubulala esenzeka ngo-2005.

Amaphepha afakwa enkantolo atshengisa ukuthi umufi uSummer Baldwin, 29, wayengumqwayizi.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala unina wentombi wamfaka epotimendeni

Wabulawa ngemuva kokuthi yena noRodriguez bazibandakanya ocansini bevumelene eLubbock lapho ummangalelwa ayeyoqeqeshwa khona, nokho akucaci ukuthi wayeyoqeqeshelwani.

Isisebenzi salapho okuchithwa khona udoti eLubbock yiso esathola isidumbu sikaBaldwin sifakwe epotimendeni.

URodriguez, okulindeleke ukuba abulawe ngoLwesibili, uyamaniswa namanye amacala okungenani ayisihlanu okunukubeza ngokocansi futhi wazivumela ngokwakhe ukuthi wabulala intombazane, 16, isidumbu sayo esatholakala sifakwe epotimendeni.


- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...