Isiguli sidubule ababili emtholampilo sabe sesizibulala

2017-06-30 18:01

Las Vegas - Isiguli emtholampilo oseLas Vegas sidubule salimaza isisebenzi sakhona ngaphambi kokuzingqokloza ngesibhamu saso.

Okhulumela amaphoyisa aseLas Vegas, uLaura Meltzer, uthe le ndoda ibiyisiguli esaziwayo kulo mtholampilo, iCenter for Wellness and Pain Care.

Le ndoda ifike yangena emtholampilo ifuna ukusizwa ngokushesha, ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Isiguli sibulale unesi esibhedlela sabagula ngengqondo

Ngesikhathi kunqatshwa, ibe isivulela ngenganono ibhekise kubasebenzi ababili bakulo mtholampilo. UMeltzer uthe amanxeba abo awamabi kakhulu.

Le ndoda ibe isiphendula umbhobho iwubhekisa ngakuyo izidubula, yashonela khona endaweni yeisgameko ngaphambi kokufika kwamaphoyisa.

UMeltzer uthe kulimale nomunye umuntu, kodwa akekho esimeni esibucayi.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...