Isidumbu sendoda ebidukile sitholakale esiswini senhlwathi

2017-03-30 16:10

Indonesia – Indoda yase-Indonesia ebidukile itholakale isifile iginywe yinyoka yohlobo lwenhlwathi, lokhu kushiwo amaphoyisa akuleliya lizwe.

U-Akbar waduka ngeSonto esiqhingini iSulawesi ngemuva kokuba ehambe eyofuna uwoyela.

Ngesikhathi kubhekwa lo mlisa oneminyaka engu-55 ubudala, amaphoyisa atshele isiteshi sezindaba, i-BBC, ukuthi bathole inkunzimalanga yenyoka abebesola ukuthi iyona egwinye lo mlisa.

OLUNYE UDABA: Ibanjiwe inhlwathi engamamitha amane eqeda kudla imbuzi eMnambithi

Le nhlwathi okubikwa ukuthi ilinganiselwa emamitheni angu-7 ubude, ibe isisikwa yavuleka nalapho okube sekutholakala khona isidumbu sale ndoda.

I-video eqoshwe amaphoyisa ikhombisa le nyoka isikwa ngommese omkhulu maqede yavuleka, nokuyilapho okubonakale sekuvela kancane, kancane, isidumbu sale ndoda ngezingubo ebizigqokile.

Lolu hlobo lwezinhlwathi lubalwa nezinde kakhulu emhlabeni wonke kanti zaziwa ngokuthi ziqale ziboqoze izisulu zazo ngaphambi kokuba zizigwinye ziphelele.

Izinhlwathi azivamisile ukubulala kanye nokudla abantu, yize noma kunezikhathi lapho okuke kubikwe ukuthi zigwinye izingane kanye nezilwane.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni iWest Sulawesi, uMashura, utshele iBBC ukuthi umufi bese kuphele amahora angu-24 edukile.

Amaphoyisa abe eseqala uphenyo nalapho ethole khona inyoka eduze nensimu yalo mndeni.

- BBC

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...