Isiboshwa sisolwa ngokudlwengula umkaso esivakashele ejele

2017-11-08 18:00

Berlin - Iziphathimandla zaseGermany ziphenya ukuthi kwenzeke kanjani ukuthi isiboshwa ukudlwengula unkosikazi waso ngesikhathi esivakashele nabantwana babo ejele.

Abashushisi basentshonalanga yezwe eKoblenz bathi lesi siboshwa esineminyaka engu-35 ubudala sisolwa ngokunukubeza ngokocansi unkosikazi waso ejele elisedolobheni elakhelene nale ndawo, uDiez, lapho esidonsa khona isigwebo sikadilikajele ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala.

OLUNYE UDABA: Kuvele ezinye izithombe zesiboshwa esibonakale siqabulana nojele

Iziphathimandla zithi lesi siboshwa, ebesihlome ngommese wokuzakhela, sibe sesihlulwa ngamandla ngojele sabe sesiphindiselwa ngaphakathi.

Akucaci noma izingane bezikhona yini ngesikhathi lesi siboshwa sihlasela unkosikazi waso.

Inhloko yabashushisi, uRolf Wissen, wenqabile ukuphendula imibuzo mayelana nalesi sigameko, ezokuphepha ejele kanjalo nomlando wobugebengu balesi siboshwa.

Unanele ngokuthi uphenyo luyaqhubeka kanti futhi umthetho uyabaphoqa ukuba bavikele izisulu.


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...