Ishonile intombazane, 13, edutshulwe wumfowabo, 9, kubangwa i-video game

2018-03-20 12:29

Mississippi - Ishonile intombazane, 13, yaseMississippi ngemuva kokudutshulwa wumfowabo oneminyaka engu-9 ubudala kubangwa i-video game, kusho amaphoyisa.

Isigameko senzeke ngezithuba zabo-12:30 ngoMgqibelo ekhaya lalezi zingane enyakatho-mpumalanga neMississippi, kusho owamaphoyisa aseMonroe County, uCecil Cantrell.

Kubikwa ukuthi lo mfanyana udinwe wudadewabo obemncisha into yokudlala i-video game ngesikhathi eyicela.

OLUNYE UDABA:Umfana, 10, udubule udadewabo, 6, ethi uyadlala

Kuthiwa lo mfana ukwazile ukuthatha isibhamu eshalofini khona ekamelweni abebehlezi kulo, wadubula udadewabo.

Le ntombazane iphuthunyiswe esibhedlela e-Amory, eMonroe County, yabe isedluliselwa kwesinye isibhedlela sezingane iLe Bonheur ngendiza enophephela emhlane.

UCantrell akazange awudalule umndeni kodwa uthe amaphoyisa ayaphenya ukuze ezothola ukuthi ngabe lesi sigameko asenzekanga ngenxa yobudedengu babazali na.


 - The Washington Post

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...