Ishonile ingane eyaphuza amanzi abilayo ilingisa eyakubona kwi-video

2017-08-05 14:40

Florida — Ishonile ingane yentombazane eneminyaka engu-8 ubudala yaseFlorida ngemuva kwezinyanga ezinhlanu yaphuza amanzi abilayo nge-straw ilingisa eyakubona kwenye yama-video.

ISunSentinel ibika ukuthi uKi'ari Pope uqale ukuba nezinkinga zokuphefumula ebusuku.

Utshele isoka likanina elifonele i-911. Ube esephuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho eshonele khona.

UMarquisia Bonner, okungumama wengane oneminyaka engu-22 ubudala, uthi uKi'ari ubenezinkinga kusukela ngoMashi ngesikhathi ephuza amanzi abilayo kulandela ukubukela i-video kuYouTube.

OLUNYE UDABA: Izogwetshwa intombi eyaphoqa isoka ukuba lizibulale

Ngemuva kokuphuza amanzi abilayo wahlinzwa ngenxa yokuthi wayelimele kabi ngaphakathi.

Unina uthi isigameko sashiya ingane yakhe inezinkinga zokuphefumula futhi ingakwazi ukukhuluma kahle.

Amaphoyisa aseBoynton Beach athi ukuhlolwa kwesidumbu kuzoqinisekisa ukuthi ingane ibulawe yini. 

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-30°C High level clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...