Ishonile indoda ezokhele ngomlilo ngaphandle kwasePhalamende

2017-09-22 14:00

Wellington - Ishonile indoda ezokhele ngomlilo ngaphandle kwasePhalamende laseNew Zealand njengoba kubhekwe okhethweni, kusho amaphoyisa ngoLwesihlanu.

Le ndoda ishe yangqongqa ngaphandle kwebhilidi iWellington elaziwa ngokuthi yiBeehive ngoLwesine ntambama.

OLUNYE UDABA:BUKA: Ubehluleka ukuhamba uMugabe ngemuva kokwethula inkulumo kowe-UN

Amaphoyisa athi le ndoda ishone ngemuva kokuba iphuthunyiswe esibhedlela isesimweni esibucayi.

Amaphoyisa abengakayihlonzi le ndoda kanti athi imbangela yalokhu ayaziwa, yize imibiko yabezindaba ithi ibibhikisha yodwa ngaphandle kwasePhalamende.


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...