Ishone icikekile indoda ebishunyayezwa wumngani ngokudla okunempilo

2017-12-28 18:00

 eRochdale - Owesilisa waseRochdale ushonile ngemuva kokuhlaliswa eduze kwabantu abathanda ukuzivocavoca nokudla imifino kuphela.

UHorace Cope uphuthunyiswe esibhedlela ngemuva okuhlangana noJim Nasium, ongumuntu othanda ukuzivocavoca futhi uyi-Vegan.

Lo mlisa ubethenge isiphuzo sakhe esidakayo nesiteki senyama ngesikhathi uJim emvimba waselokhu emubelesele ngokubaluleka kokudla imifino kuphela ukuze azokondleka emzimbeni fthi azivocavoce ngokujoyina iCobalt Enduro-500-Swima-Climba-Mara-Crossathon.

OLUNYE UDABA:Iboshwe isaziphuzela utshwala indoda 'egwaze yabulala' enye ethaveni

Umzimba kaHorace uvele waphantsha ngesikhathi ezwa ukuthi kungena iqulu labangani elingenele umncintiswano wokuzivocavoca.

Bekungekho angakwenza ukuphuma kule ndawo ngoba bekugcwele kuphuphuma abantu bekuthakasele ukuba lapha.

Kukholakala ukuthi lo mlisa uvele wamelwa yinhliziyo washayeka phansi ngemuva kwehora elalele umngani wakhe emtshela ngokudla okunempilo nokuzivocavoca.

Kuthiwa lo mlisa bamenzele isiphuzo esinempilo, enzelwa yiloli qulu labangani ngomfino i-kale. uphaphame kancane wabuye washayeka phansi ngesikhathi eboniswa isithombe salaba bantu begqoke izimpahla zabo zokuzivocavoca.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...