Ishise itafula ifoni yakwaSamsung esitolo sokudlela

2016-10-11 11:37

Seoul – Isiphinde yaba sematheni futhi ifoni yakwaSamsung esidume ngezigemegeme zokugqamuka umlilo kanye nokushisha impahla, iSamsung Galaxy Note 7.

Esigamekweni sakamumva kubonakala umsebenzi wasesitolo, iBurger King, ethwele kanzima ezama ukuyisusa etafuleni lokudlela ngenkathi isiqala ukusha, isishunqa nentuthu.

Kwale noma lo msebenzi kade egqoke ama-gloves avikela ukushisa okukhulu kodwa ize yawela phansi ehluleka ukuyibamba nokudale ukwethuka nokumemeza kumakhasimende abebukela.

OLUNYE UDABA: U-Samsung usumise ukwakhiwa kwefoni egqamuka umlilo – umbiko

Lokhu kwenzeka nje lesi sikhondlakhondla senkampani yamafoni sisanda kumemezela ukuthi kumiswe ukudayiswa kwama-Galaxy Note 7 kanye nokushintshiswa kwawo kumakhasinde.

Okunye okuphinde kwafaka le nkampani obishini ukuthi amafoni abenikwe amakhasimende ukuze kushintshwe lawa abeqhuma nawo kube nemibiko yokuthi akholeka ngomlilo.

Okhulumela uSamsung ukuqinisekisile ukuthi le foni ebonakala isha kwi-video yi-Note 7.

Ngakolunye uhlangothi iMenenja yesitolo itshele i-website yezindaba  iWikitree, ukuthi lesi sitolo sifake isicelo sokunxeshezelwa nguSamsung ngomonakalo odaleke etafuleni njengoba lisale linomaka wokusha lapho bekuhleli khona le foni. 

Buka i-video ngezansi:

 

Omunye umfanekiso: 

Enye yamaSamsung Galaxy Note 7 esishile.   Isithombe: (Ariel Gonzalez / YouTube)

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...